2018 BIC THEME : THY NAME IS TO BE PRAISED ‘ YEAR OF CELEBRATION ‘

Ngiyanibingelela nonke ma BIC Amahle kanye nezihlobo, nabangani, nemindeni yenu yonke, abathole inhlanhla yokunezezelwa emzimbeni we Nkosi ngokukhetha uJesu Kristu ukuba abe yi Nkosi nomsindisi wezimpilo zabo. Njengoba kulotshiwe ukuthi, uma uvuma ngomlomo wakho, ukholwe ngenhliziyo yakho ukuthi uJesu Kristu uyi Nkosi nomsindisi wempilo yakho yonke nanokuthike wafa efela wena waphinde wavuka ekufeni elethela wena impilo yovuko epheleleyo, engukuphila okuphakade.

Mina sengiphila esikhathini somusa ka Jehova ngakhoke angifuni ukwenza umusa wakhe ize nokuwuthatha kalula.

Njengoba sesingenile sonke ku 2018, ngikhuluma isiprofetho kini nonke ( njengoba ngingumntwana wesiprofetho vele ) enikholwa yizwi lesiprofetho sika Jehova ngokuthunywa kuka Isaiah 45 ngithi uJehova uyakuhamba phambi kwenu ahlelembe amagebhugebhu, aphule izivalo zethusi anqume imigoqo yensimbi. Uyakuninika ingcebo nemfuyo ethukisiweyo ezindaweni ezisithekileyo, ukuba nazi ukuthi ungu Jehova.

Ungabe usabuka okudaliweyo, okufayo, okubuthakathaka, nokuphelelwe yisikhathi kodwa phakamisela amehlo akho ezintabeni lapho usizo lwakho luvela khona, usizo lwakho luvela ku Jehova odalile izulu nomhlaba.

Ungabe usaqedwa amandla amaphutha abanye abazalwane nobu dlwangudlwangu balesikhathi esiphila kuso kepha kunalokho wena bheka kuye owakubizayo wakuhlenga ngomusa wakhe.

Lonyaka unyaka e BIC wokubonga nokudumisa igama lamagama u Jehova ‘ Yahweh ‘.

We celebrate God because our names and status will be changed as recorded in the book of Isaiah and for that, we celebrate God and thanking Him in advance.

Instead of focusing on each other’s weakness, we shall build on each other’s strength this year. We will celebrate what is good and working with our families, partners, friends, colleagues, government, brothers and sisters in the Lord.

Uyakubizwa ngegama elisha eliyakunqunywa ngumlomo ka Jehova. Uyakubizwa ngokuthi ontokozo yami ikuye.

UJehova ngeke athule ngenxa yakho, ngeke athule ngenxa yesimo okuso, ngenxa yomndeni, inhlupheko yakho, izinyembezi zeminyaka; hlabelela ihubo elisha ubhiyoze ubonge uJehova uthi uJehova uhlelile amagebhugebhu, ngiyobizwa ngegama elinqunywe usomandla, ngokuthi ontokozo yakhe ikimi.

UJehova wensindiso yonke anilwele zonke izimpi zenu, ashintshe isimo senu sakudala aninike igama elisha, abangasindiswanga nabakhonza onkulunkulu abaphakathi kwethu bahlulwe izwi lake bamamukele, abakhulekela imishado bashade, abashintsha amantombazane noma abafana abaphakathi kwethu bakuyeke, abakipitile balungise, abangasebenzi basebenze, abagulayo baphile, abangathokozile empilweni emakhaya emisebenzini emindenini nase mishadweni bathole intokozo epheleleyo.

Ngalamazwi bazalwane bami kuyintokozo enkulu kimina ukunethulela isuqubulo sika 2018 lapha e BIC esithi ‘ THY NAME IS TO BE PRAISED ‘ which is our greatest ‘ YEAR OF CELEBRATION ‘ for all of us who are members of the body of Christ.

In closure I have this to say about prayer : Prayer is the first and foremost a recognition of God’s majestic glory and it is an act of submission to that glory.

All petitions, all supplications, all passions, all requests, all needs are subjected to God’s glory. Hence the Biblical prayer which says ‘ HALLOWED BE THY NAME ‘ ‘ MALINGCWELISWE IGAMA LAKHO, IGAMA LAKHO MALIPHATHWE NGOBUNGCWELE ‘ , e Believers In Christ kusukela namhlanje kuze kube sekupheleni kwezinsuku zokuphila kwethu aze abuye uJesu sise kuye.

I thank you, Shalom ! Shalom ! Shalom !

From the founder of BIC